
USHONE esitokisini owesilisa wase-N. Cape owaboshwa ngezinsolo zokugwaza abulale intombi yakhe eyayizithwele ngasekupheleni kwenyanga edlule, okuphoqe i-NPA ukuthi ingaqhubeki naleli cala. USobressa Bosman waseHartswater kusolwa ukuthi wabulala uFaith Daniels ngemuva kokuphuza utshwala endaweni yokucima ukoma.
Inkantolo yesifunda saseHartswater, eNorthern Cape, iwahoxisile amacala owesilisa osolwa ngokubulala intombi yakhe ekhulelwe. USobressa Bosman ushone esezitokisini esiteshini samaphoyisa eHartswater kanti iNational Prosecuting Authority ayizange idalule imbangela yokufa kwakhe. UBosman usolwa ngokugwaza wafa uFaith Davids, owayeyintombi yakhe eneminyaka engu-29 ubudala ekhulelwe.
“Kusolakala ukuthi ngomhlaka-25 Novemba 2023, ngabo-3.30 ekuseni, umufi wayenomzala emzini wabo. Ummangalelwa wahlanganyela nabo kwabe sekuqubuka ingxabano. Laba baqala ukulwa, ummangalelwa wagwaza intombi yakhe amanxeba amaningi. Umufi uphuthunyiswe esibhedlela lapho kwathiwa useshonile. Udaba labikwa emaphoyiseni umsolwa waboshwa,” kusho okhulumela iNPA uMojalefa Senokoatsane.
Umsolwa oneminyaka engu-27 ubudala ubezofaka isicelo sebheyili enkantolo yesifunda saseHartswater kanti ubhekene necala lokubulala. USenokotsane uthe umsolwa ushone ngesikhathi amaphoyisa esaqhubeka nophenyo ngalolu daba. “Udaba seluzovalwa njengoba umsolwa esedlulile ngaphambi kokuthi kuphothulwe uphenyo,” kusho uSeokoatsane.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
