
Izigilamkhuba ebesezikhathaze umphakathi waseVosloorus, zibanjiwe zaboshwa uphiko lama phoyisa kamasipala waseGoli, i-JMPD. Uphiko lwe-Tactical Response Department of Johannesburg Metropolitan Police Department (JMPD) lwathola isikhalazo kanye nocingo oluvela kwaTracker SA mayelana nemoto yohlobo lweSuzuki Swift eyadunwa eVosloorus futhi imoto yayilibangise eGoli.
Imininingwane eyengeziwe iveze ukuthi umgibeli obehamba ngemoto eduniwe udutshuliwe. Ngesikhathi kudluliswa imininingwane ekhomba ukuthi abasolwa bebehamba ku-19th Avenue e-Alexandra nemininingwane ekhombisa ukuthi imoto ibingena ku-N3 ilibangise eVosloorus. Amaphoyisa aphendule ngokushesha abamba ukujaha kuGrey Avenue eGermiston. Bazame ukudonsa imoto ebifunwa abantu ababili abebesebenzisa amalambu aluhlaza nenhlabamkhosi, abasolwa badubula bebhekise emaphoyiseni kwabe sekuqhuma isibhamu.
Imoto yabasolwa yaphaphalaza yaya kwesokunxele somgwaqo yaze yayohlala emseleni ibanga elingu-500m ngaphambi komgwaqo iBarry Marais. Laba bazame ukubalekela endaweni yesigameko ngezinyawo. Amaphoyisa kanye namalungu e-Tracker SA akwazile ukubabamba bobabili abesilisa. Ngesikhathi indawo yesigameko isacutshungulwa kutholakale isibhamu esingekho emthethweni ngaphansi kwesihlalo semoto.
La maphoyisa aphinde athola ukuthi isidumbu sowesilisa obegibele imoto ebidunwe sitholwe eceleni komgwaqo, bude buduze nalapho kudunwe khona imoto. Kuphinde kwavela ukuthi kwavulwa icala lokudlwengula abesilisa. Bobabili abasolwa abaneminyaka engu-31 ubudala baboshwe eVosloorus SAPS futhi babhekene namacala okuphanga behlomile, ukutholakala nemoto eduniwe, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, ukudlwengula nokubulala.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
