
Umsinga United uqoqe amaphuzu amaqoka ngempela sonto njengoba enqobe umdlalo obunzima ekuhambeni lapho unqobe ngamagoli amabili ashaywe ngu Sthembiso Matikita Hlophe womabili, lamaphuzu abuyisele uMsinga United endaweni yesibili njengoba namanje bayalingana ngamaphuzu no Mkhambathi FC ohlezi phezulu ngamagoli, lamaqembu azohlangana emdlalweni we ABC Motsepe League eMzisho Stadium ngolwesithathu njengoba kumanje kumele ukuthi kubonakale ukuthi ngubani ozophetha ehlezi phezulu ngamaphuzu, lamaqembu asahlulwe kanye womabili, kuzonqamuka amakhokho kulomdlalo njengoba kuzoba ngumdlalo onzima kakhulu lamaqembu aseke ayidlala kulesizini njengoba elandelana umsebenzi wabaqeqeshi nabadlali uzobonakala kulempelasonto, ngokusho ka Matikita Hlophe uthi bawafuna ephelele lamaphuzu ngoba badinga ukunqoba lesigaba badlulele kokuhlunga kodwa ukhalo luselude wathi umdlalo nomdlalo bawudlala ngokuzimisela njengoba imqoka yonke imidlalo, uHlophe unesipiliyoni sokudlala emaqenjini amaningi ngaphansi kwe Dstv Premiership League ne Motsepe Foundation League njengoba wadlala ku Polokwane City, Sikhukhune United, TTM
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
