
Iqembu le Super Sports United lishaye udaka ekhaya kowe CAf Confederation Cup njengoba lishaywe yi USM Alger ngamagoli amabili eqandeni lomdlalo obuse Peter Mokaba Stadium. lomphumela uvele wenza umsebenzi wabanzima kakhulu kumqeqeshi we Super Sports United u Gavin Hunt owuchaze ngokuthi ushaywe yiqembu elinzima kakhulu kodwa bazithola bezodlala ngaphansi kwengcindezi Libya njengoba kungekho akwaziyo ngamaqembu akhona nebhola lakhona, Gavin Hunt izinto azimhambeli kahle emdlalweni we CAf Confederation Cup njengoba nangempelasonto edlule wabuya nenduku yombangandlala, baphinde bashaywa emdlalweni we Dstv Premiership League yi Mamelodi Sundowns FC emdlalweni obuse ekhaya le Super Sports United eLucas Moripe Stadium.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
