Owosuthu ehlazweni lokushaya uNompempe

UNompempe obephethe umdlalo waMaZulu FC uBambiso Masixole uqhamuke engasadle izinkomo zatshwala wafuna igama lika Mvikeli Shoba ongumsizi womphathi ijezi, wavinjwa ngabadlali bazama ukumxolisela uzwakale esethi lona ungishayile ngoba ngifake isikhathi esiyimzuzu emhlanu eyengeziwe kodwa yena ubefuna engaphezulu kwesihlanu, ekhuluma ne Mpempe ngemuva kokushweleza kwabadlali, uthe mangabe ebuzwa ukuthi uzolivulani icala uthe ngeke alivule, khona manjalo leliphephandaba lishayele Philani Ndlela kodwa ucingo ubengalubambi ladlulela uzakwabo ngomsebenzi uBrilliant Mkhathini, wavele wathi iMpempe. Com ibhala ekuthandayo ikhetha izindaba, noma ngabhala ekuthandayo mina no Shoba ngeke sikhukhune kodwa kuzokhuluma uPhilani Ndlela okhulumela AmaZulu FC, Shoba bathi akaqali ukufuna ukushaya onompempe njengoba ngaphambilini uke wazama ukwenza lokho, lomdlalo uqede ithemba lokuthi AmaZulu FC angaqeda ishobolo leminyaka engu 31 linganqobi lutho njengoba lagcina ukunqoba inkomishi ngo 1992 Coca-Cola Cup, ngemuva kwalapho aliphindanga lanqoba inkomishi njengoba like ladlala kowamanqamu amahlandla amabili njengoba like ladlala ku Nedbank Cup ne MTN 8 Cup ngesizini edlule


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.