
USihlalo wobumbano laMabomvu wentuthuko edidiyelwe yomphakathi Sbongiseni Mbatha, uxoxisane ne phephandaba ibunda ngezinhlelo zamaholidi eMabomvini wonkana. “Ngiqale ngibengelele iNdlukulu yaMabomvu,nezinduna, nobhekeni, nabaholi, bezamabandla, nabaholi bezepolitiki ,nomphakathi nentsha yakithi, njengoba amabomvu anomlando ongemuhle ngezimpi zezigodi nezimpi zase Msinga, abantu base Msinga eMabomvini sebakhetha ukulahla izikhali olwandle. Kodwa manje sibhizi ngentuthuko yomphakathi njengoba izimpi zadala ukuthi intuthuko yime kancane, kodwa ngenhlanhla abantu base Mabomvini bangabantu abayithandayo intuthuko njengoba bazisukumele bona ngaphandle kahulumeni ohambela kude nokuletha intuthuko emabomvini njengoba umgwaqo umagqobho gqobho,uyibhuqu elingenalo itiyela ku leminyaka engu 29 lelizwe lathola inkululeko ngo 1994.
Lesizwe samabomvu sinomlando omude Africa, izigodi zamabomvu intuthuko isaqhelile kuzona ikakhulukazi lezi ezingaphansi koMvoti singabala eMvozane, eNseleni, eNqabeni, eHlimbithwa, eSigedlane, KwaDolo, eNzalabantu, eNqoleni, KwaPhakwe, nakuba ziningi izigodi zase Mabomvini, kodwa sibale ezingaphansi koMvoti, abantu balezigodi basebenza kanzima ukuthuthukisa izindawo abahlala kuzona.
Umasipala wase eMvoti uhaqwe yizinkinga zepolitiki nonganakwa kwabantu baka Somahashi, lesizwe sombumbi wesizwe samabomvu sonke. Khona manjalo Mbatha uthe abantu base Mabomvini bazobhema bakholwe njengoba kunemicimbi emningi ethe chithi saka ngamaholidi kazibandlela njengoba ngomhlaka 25 kuzoba nengoma yesizwe samabomvu esigodini sase Nhlesi. Ngomhlaka 25 kuzoba nendumezulu yebhola lezinyawo esigodini saKwaDolo Sports Ground, ngezi 26 kuzoba kusindwe ngobethole Kwaphakwe lapho iNgezo yaMabomvu izoba ikhona lapho izinsizwa nezintombi zizoba ziqhudelana khona ngokudla ungokotini, kuzophinde kuhlonishwe amaciko ase Mabomvini angu 101, ukukha phezulu amaciko ase Mabomvini adumile khona uMzamiseni Njencane Ngubane, Khathalani Ngubane, Mo Ngubane abazakhela igama ku Mageza Amahle, Ithwasa langempela, iNdidane, Sonakali Zondi owazakhela igama endimeni yezomculo ngokusebenza noMgqumeni, Amagcokama, abakwethu, iNdlamanzi, no JaiveZimnike Khenyeza, nguMqansa, Ichwane likaMxosheni, Scelo Hlongwne ongumdidiyeli odume emculweni kamasikanda njengoba usebenze no Mjikijelwa Chalaha likashafuza Ngubane, namanye amaningi.
Ngemuva kwalapho kuzoba neminye imidlalo yebhola ngo January KwaNdayi lapho uThando Bongani Dlame uzoba esegaxa emgibheni amakhokho. kuyoyonke lemcimbi niyacelwa ukuthi niphume ngobuningi, uphinde umfoka ka Nkoni wagqugquzela ubunye kubantu base Mabomvini namaphethelo nokuthula noxolo namaholi amnandi kubobonke abantu base Mabomvini
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
