
UBobby Motaung oyimenenja yeqembu elikhulukazi kwezikanobhutshuzwayo iKiazer Chief, ulithela ngamahlazo nangamachilo njengoba waqala waletha abaqeqeshi abashibhile eqenjini. Waqala ngokuletha uEnerst Middendorp owaqala ngokukhipha iKaizer Chiefs ngaphandle kwe Top 8, waphinda wambandakanyeka ecaleni lokuhweba ngezidakamizwa necala lokubulala ngesikhathi kwakhiwa iMbombela Stadium. Akagcinanga lapho kodwa waphinda wabandanyeka ekuthengeni abahwebi base emgwaqeni abadayisa ngocansi lapho waxoshwa khona loyo owayengumkhulumeni waleliqembu Putco Mafani Mauritius.
Waphinda wabandakanyeka ekuphuzeni nabadlali beqembu le Kaizer Chiefs, lamahlazo namachilo aliqumbe phansi leliqembu njengoba khona abangasalubhadi ezinkundleni ngenxa yenkulumo ka Bobby Motaung yokuthi yena akaqashiwe kubo njengabantu abafuna umsebenzi , kodwa yena usebenza kubo, akavotelwangwa njenge ANC, IFP, DA, lenkulumo yashiya abalandeli bebhola nabalandeli be Kaizer Chiefs beswacile njengoba kuyibona abafaka imali, lapho abalandeli kade bekhala ngonga thengi abadlali abanohlonzo njengoba aletha uvucu labadlali base Zimbabwe.
Leliqembu lisenkingeni yonganqobi lutho yezinkomishi ku leminyaka engu 9, uphinde wangalikhokhela iqembu lase Madagascar imali ngomdlali walo Andriamirado Aro Hasino. I-FIFA yagcina ngokuthola iKaizer Chiefs inecala yayigweba ngokuthi ingasayini abadlali ngesikhathi sewindi lokuhwebelana ngabadlali, lesibhobho esavulwa ngu Bobby Motaung senze amaqembu afana no Royal Am, Moroka Swallows FC, Chippa United, Polokwane City bagaxela kulolugibe longakhokheli abadlali bokuhamba imali yabo.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
