Ucebisa uNgqongqoshe weZemdlalo ngebhodi elisha

UHlula Mholiwami Dladla ongusihlalo wabahleli bezimpi KwaZulu-Natal ucebisa uNgqongqoshe wezemidlalo kuzwelonke ngebhodi elisha. UDladla ubona ukuthi kuhle ngempela ukumeleka ngobulili kodwa khona lapho kushoda khona njengoba abamhlophe bengekho kulelibhodi elisha.

Lokho kusho ukuthi kuvela engathi isibhakela kuleli ngesabantu abamnyama kuphela, kodwa abamhlophe kuleli baningi kakhulu esibhakeleni, kumele ngabe bamelekile kulebhodi njengoba siyizizwe ezihlangene, kanti siyizakhamuzi zalelizwe siyadingana kakhulu njengoba lendlu emhlophe yabamba iqhaza elikhulu ekuthuthukuseni isibhakela. Phela abamhlophe banezinkampani ezizimele ngaleyondlela siyadingana ukuze bafake abaxhasi, kunezelela uDladla.

UDladla uyindoda ekuqondayo ukubaluleka kwabantu bonke balelizwe, njengoba engumholi wezamankomane KwaZulu-Natal, usekhombise ukudlondloba okukhulu njengoba ehlela nezimpi ezinkulu kuleli. Kumanje umatasa ngezimpi ezinkulu, ezizoba eThekwini, KwaZulu-Natal. Lezimpi zithembisa isibhakela esizoqwiza umentshisi, kanti zizobanjelwa e-Oliver Conversation Center khona enkabeni yeTheku. Kulezimpi kuzotholana phezulu uBig Zulu no Phumlani Njilo ongusomabhizinisi wase Mgungundlovu.

UPhumlani Njilo ucele inselelo ku Big Zulu ongumculi we Traditional Hip-hop, kanti ezinye izimpi zamabhokisa zimi kanjena:
WBA Pan Africa Title Feather Weight kuzotholana uLindelani Sibisi wase Dundee vs Sange Ngoza wase Duncan
Middle Weight Women – uMapule Thunder Ngubane vs Rita Mrwebi
KZN TitleBantam Weight kuzoba uSboniso Tiger Gonya vs Mduduzi Mzimela

KZN Title-Junior Middle Weight kuzobambana uSimphiwe Mbhele no Philelani Khumalo
KZN Title Light Weight kuzohluthulana uSandile Dumisani vs Siphesihle Mntungwa .

kulezimpi kulindeleke ukuthi abalandeli baphume ngobuningi babo ukuzobona abashayisibhakela babo begila izimanga, khona manjalo abe Nhle Jobe Boxing Promotion bathe bazobamba iqhaza lokusekela IHlula Dladla Boxing Promotion ukuze ibeke phambili lesifundazwe ebalazweni lomhlaba, sizomsekela uBaba Dladla ngoba wenza umsebenzi omkhulu wokuhlanganisa izizwe ezahlukene zibe munye kusho isitatimende esikhishwe ngabe Nhle Jobe Boxing Promotion namuhla.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.