Uqophe umlando uthisha wezibalo wase Mabomvini KwaDolo

UHlaniphani Sihlabani Ngubane ongusekela kathisha nhloko wase Nwabi High school eNgonyameni, uqophe umlando ngokuthuthukisa umkhamkha wezibalo ne Science , lothisha wase Mabomvini Kwadolo eGcebeni, ngomunye wothisha abahamba phambili emkhakheni we Science nezibalo kuleli lase Ningizimu Africa, ekhuluma ne phephandaba iBunda, uthi usekhiphe abafundi abaningi abenza kahle ezibalweni ne Science, khona manjalo lothisha unxusa abazali bezingane ukuthi basondelane nomsebenzi wezingane zabo ngoba akuphelele mangabe beshiyela umsebenzi kothisha, uphinde wakhuthaza abafundi ukuthi bazithathe izifundo ze science nezibalo njengoba umhlaba uthuthuka ngezobucwepheshe , namathuba maningi kakhulu mangabe ukhonile ukuthatha lezizifundo umfundi zimvulela amathuba amaningi, singabala ukushayela izindiza ezinophephela emhlane, nokuba ngonjiniyela bamabhanoyi, imikhumbi, izimonto, nama Computer, lesihlabanu sika thisha siphinde sibe ngu mlandeli wokuqina we Mamelodi Sundowns FC, nomculi kamasikanda ongasekho emhlabeni wase Msinga Mtshengiseni Gcwensa nowayedume ngele iNdidane aphinde abengumholi waMageza Amahle, lensizwa ngeke uyihlukanise ne Soul Brothers emontweni yayo, khona manjalo uphinde wakhuthaza intsha yasemakhaya ukuthi ingalokodi izibukele phansi ngempilo kodwa kumele izifundise ukubekezela empilweni noma kunzima, lothisha onabantwana ababili uNcebo Ngubane oneminyaka engu 11 no Kwanda Ngubane ona 4, uganwe ngu Nosipho Ziqubu, useke wakhipha umfundi ongene endaweni yesithathu kubafundi abaphase kahle eNingizimu Africa, uphinde wasiza iSiyabonga High school esise Manzimtoti ngokuphasa ngamalengiso isifundo se Physics ngo 100 %, uphinde asize izingane ezintulayo emphakathini ukuthi zidle nasemakhaya ngokusebenzisana nezinhlangano zomphakathi ezingayenzi inzuzo phecelezi ama NGO, uphinde afake inhlonipho ezinganeni, lothisha oyiqhakambisayo imvelaphi yakhe, njengoba uthi wakhulela emndenini onenhlonipho njengoba uMama wakhe uDudu Ngubane ongasekho emhlabeni wayeyifaka inhlonipho kubona nabafowabo ababili uMxoleleni no Mdumiseni nodadewabo abathathu Lungisile, Zanele, Nokwanda, sakhula kakhulu sihlala noBaba Mkhulu Magaadie, nokhulu Nomuntu, Hlakaniphani ungowesine ezinganeni ezingu 7 zika Dudu Ngubane no Manzi olwandle Ngubane,


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.