
Umsunguli nosihlalo we Kaizer Chiefs uDr Kaizer Motaung ubongele Jassica Motaung oyindodakazi yakhe endala ngesikhundla esisha esithole ku CAf sokuba ngusekela kasihlalo we CAf African Clubs Association, ngiyaziqhenya ngondodakazi wami njengoba emele igama lamakhosikazi ebholeni lase Africa yonkana ngithokozile impela ngaye ngoba akamele Kaizer Chiefs kuphela kodwa umele bonke abantu besimame, Dr Kaizer Motaung ngomunye wezigqalabutho zezingwevu ezihlonishwayo ebholeni lase Africa yonkana nasemhlabeni jikelele ngamagalelo akhe awenzile njengoba baningi abaqeqeshi abanohlonzo abake basebenzela Kaizer Chiefs, nabadlali abamqoka abayidlalelile Kaizer Chiefs, abafana no Doctor Khumalo, Lucas Rhoo Radebe, Jabu Pule Mahlangu, nabanye abaningi.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
