
USteve Barker ongumqeqeshi we Stellenbosh FC unqobe umdlalo owandulela owamanqamu wazibekisela amathuba amaningi wokuthi afeze iphupho lika malume wakhe Clive Barker ongasekho emhlabeni nowanqoba African Cup of Nations ngo 1996, Steve Barker wake waveza ukuthi ufuna ukunqobela Clive Barker indebe, leliqembu le Stellenbosh FC liphudluze Richard Bay FC ngamagoli amathathu eqandeni, kwashabalala amathemba ngokuthi amaqembu a KwaZulu-Natal angadlala ndawonye kowamanqamu, njengoba Richard Bay FC edonsa kanzima ihlulekile ukunqoba ekhaya layo. lomphumela uchayise abalandeli baKwaZulu ukuthi babone amaqembu asekhaya edlala kowamanqamu, Stellenbosh FC sizodlala umdlalo wendebe ye Carling Black label Knockout Cup nozonqoba phakathi kwa AmaZulu FC ne TS Galaxy, Barker uzoba ephonsela inselelo okowesibil engena kowamanqamu njengoba wake wangena ne Pretoria United kowe Nedbank Cup lapho bashaywa yi Moroka Swallows FC
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
