I-IEC ithi yazi uMavundla kuphela

I-IEC itshele iqembu eliholwa nguBhungu Gwala, i-Abantu Batho Congress ukuthi umengameli weqembu owaziwa ngokusemthethweni nguPhilani Mavundla kuphela. Ngaphezu kwalokho, i-IEC ibatshele ukuthi incwadi ememezele isikhala sobumeya kumasipala waseMvoti isihoxisiwe. Lesi sinqumo senkantolo siphinde savimbela umasipala waseMvoti (Greytown) eMidlands KwaZulu-Natal ukuthi umkhiphe esikhundleni sokuba yikhansela nemeya okuyisikhundla asithathe ngoJuni nonyaka.

UMavundla kudingeke ukuthi aphuthume enkantolo ngemuva kokuthi ikomiti likazwelonke lokuqondisa izigwegwe (NDC) leqembu lakhe, i-ABC (Abantu Batho Congress) likhiphe isinqumo sokuthi axoshwe ngezinsolo zokusebenzisa budedengu izimali zeqembu nokuxosha amakhansela ngokungafanele.

UMavundla uyaziphika lezi zinsolo kanti uthi lolu hlaka alukho emthethweni futhi ngeke bakwazi ukuthatha isinqumo esifana nalesi. Ngemuva kwesinqumo sokuxoshwa kwakhe, uSihlalo we-ABC kuzwelonke, uMnuz Bhungu Gwala, ubhalele uNoxolo Ndaba, oyimenenja kamasipala waseMvoti wathi uMavundla uxoshiwe futhi kumele ashiye isikhundla se-ABC.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.