
UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli uKhumbudzo Ntshavheni uthi uhulumeni ngeke alindeleke ukuba aphendule ngokuba khona kwe-Islamic Resistance Movement (Hamas) eNingizimu Afrika uma amalungu ayo ekuleli lizwe ngebhizinisi elizimele.
Njengoba i-UN ingakasho ukuthi le nhlangano iyiqembu lamaphekula, uhulumeni ngeke alandelele ukuba khona kwabantu lapho evakashile.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
