
UFaith Nketsi usememezele ukugqabuka kwefindo lmshado wakhe weminyaka ecela kwemibili nosomabhizinisi waKwaZulu-Natal uNzuzu Njilo. Lesihlabani sikamabonakude kanye nesilomo senkundla yezokuxhumana singene ezinkundleni zokuxhumana sathi sadalula ukuthi sona nomyeni wakhe bagqashula ifindo lomshado emva kukucubungula kahle.
“Kuyadabukisa ukuthi kufanele ngimemezele ukuthi mina noNzuzu Njilo sisezinhlelweni zokugcina zedivosi. Akekho oshada ngenhloso yokuhlukanisa, nokho, ngokucabangisisa nokulamula, sinqume ukuhlukana. UNzuzo Njilo usaqhubeka nokuba ngubaba omangalisayo endodakazini yethu enhle, esikhulisana nayo,” kufundeka isitatimende.
“Njengomuntu odumile, ngiyakuqonda ukuthi impilo yami iyindaba ethakaselwa umphakathi, kodwa ngalesi sikhathi esibucayi ngingajabulela ubumfihlo obuthile.”

UFaith ubophe ifindo likasofa silahlane nozakwabo wesikhathi eside uNzuzo ngo-Ephreli 2022 futhi basheshe bamukela ingane yabo yokuqala. Kodwa inganekwane yakhe yonakaliswe umyeni wakhe yaba sematheni ngemuva kwencwadi egunyaza ukuboshwa kanye namacala okukhwabanisa abekwe wona.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
