
Iqembu le Kaizer Chiefs lithole amaphuzu amathathu emdlalweni womkhaya eFNB Stadium ngesonto lapho belidlala ne Moroka Swallows FC emdlalweni obushisa kakhulu, leliqembu lika Cavin Johnson liphuma komunye umdlalo womkhaya njengoba lahlulwa yi Orlando Pirates emavikini adlule, Johnson ubhekene nomqansa wokuhlanganisa iKaizer Chiefs njengoba idonsa kanzima ekutholeni impumela emihle, Amakhosi asehluleke ukunqoba izinkomishi iminyaka engu 9, kumanje seliphume emqhudelwaneni embili iMTN 8 Cup, Carling Black label Knockout Cup , nemidlalo yeligi ye Dstv Premiership League alidlali kahle, kodwa abadlali abanohlonzo libathengile kakhulu. kodwa inhlanhla ayibavumi ukuthi banqobe kodwa balahla amaphuzu amaqoka
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
