
Umculi osewole izindondo eziningi uZahara kubikwa ukuthi uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokugula kanzima esekhaya ngokusho. Sekuphele cishe isonto esesibhedlela, umthombo osondelene naye ukuqinisekisile. Ngokubika kweZiMoja lo mculi wengoma eyeshisa izikhotha ethi Loliwe uqale wangeniswa ewodini likadokotela, kodwa isimo sakhe saba sibi kakhulu wabe esedluliselwa e-ICU esibhedlela esizimele eGoli.”
Kuthiwa uZahara ungeniswe esibhedlela ngenxa yezinkinga zesibindi futhi uyalashwa. “Isibindi sakhe sinezibazi ezinzima futhi angase adinge ukufakelwa isibindi,” kusho umthombo osondelene nomndeni wakhe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
