
Sekuphinde kwabanjwa amanye amasela emfuyo eBaqulusini koHlobane nase eMtshezi, lamasela atholakale nenqwaba yenyama yezinkomo, abafuni bemfuyo bathi kuba mandla kakhulu ngesikhathi samaholidi, sihlalele ovalweni njengoba bazikhipha ngisho ezibayeni njengoba basuke behlomile benjalo, lamasela aphatha imithi emibi yokuthi nilale nonke ekhaya, bazithatha zonke esibayeni ngabi ndaba zalutho, njengoba namaphoyisa ayantshontsha uqobo lawo njengoba ahambisana nazo izigebengu zemfuyo. khona manjalo ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal Genene Nhlanhla Mkhwanazi usanda kuthula umkhankaso wokulwa namasela emfuyo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
