
UNobhala-jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, usethuke kabuhlungu ngokungawuphathi ngendlela kukahulumeni udaba lokuxhashazwa kwerandi. Lokhu kulandela ukwamukelwa yibhange i-Standard Chartered kwiKhomishana Yezokuncintisana ukuthi yenze itulo namanye amabhange aseNingizimu Afrika nawamazwe ngamazwe ukuze kunukubezwe futhi kwehlise inani lemali yakuleli.
UMbalula uthe labo abafaka i-ANC iminwe ngokuthula basuke bebheda intukuthelo yabo ngoba iqembu belingakasitholi isithombe esigcwele ngokwenzekile.
Ngokusho kukaMbalula, uma uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uMnuz Khumbudzo Ntshavheni, ongumkhulumeli kahulumeni, kanye noNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, bengakwazi ukunikeza izincazelo ezigculisayo, akulungile ukulindela ukuthi i-ANC ithathe isinqumo esiqinile ngalolu daba.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
