
UNGqongqoshe wezemfundo ephakeme u Dr.Blade Nzimande uvule ikolishi eliseMainga UMGUNGUNDLOVU TVET COLLEGE -MSINGA CAMPUS ngokusemthethweni. Uthe lesisikhungo sizoshintsha indlela uMsinga owaziwa ngayo njengoba waziwa ngendawo yezimpi kodwa usuzokwaziwa njengendawo yemfundo.
Uqhube wathi kuningi kakhulu okuhle nokuthuthukisa lelikolishi okuzokwenza abantwana base Msinga bafane nakwezinye izindawo futhi baze bazedlule njengoba lizoba likhulu ukwedlula amanye akuleli lakithi.
Ongusekela meya uCllr TB batha uthe basebenza ngokubambisana ukuze kushintshe izimpilo zomphakathi njengoba bebambisene nohulumeni, bahambisana nomthetho sisekelo oku Chapter 3 nombolo 108 ka 1996. La uthi khona sobusa ngokubambisana, uqhube wathi uMsinga uyaludinga uguquko ikakhulukazi lwengqondo njengoba uqale phansi kakhulu kwezemfundo .
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
