
ULindokuhle Lindo Ngubane wase Mabomvini esigodini saKwaDolo uqophe umlando ngesikhathi ekhethwa njengo sekela Mengameli we Chess eNingizimu Africa, Lindo njengamanje ungumungameli we Chess KwaZulu-Natal, Ngubane ubambe iqhaza elimqoka kakhulu ekuthuthukuseni Chess eNingizimu Africa. njengoba useke wayidlala nalowo owayengumungameli kuleli Mnuzane Jacob Zuma, abantu abamnyama abaningi kade bengaqondile ngalomdlalo lapha eNingizimu Africa, ubudlalwa kakhulu ngabamhlophe namandiya namakhaladi, lomdlalo usiza kakhulu ezinganeni ngokuthi zikhaliphe kakhulu esifundweni sezibalo. lensizwa esencane ikhombisa ukuba nekhono lokuba ngumholi,Lindo Ngubane unguthisha wase mazingeni phezulu. khona manjalo uNolwandle Khumalo ongunobhala we Chess eThekwini uqokwe waba ngomunye ongene esigungwina samalungu angu 8
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
