
Iziteshi zokuvota ezweni lonke zivulwe, zaqala ukusebenza namuhla kusukela ekuseni ngo-08:00 kanti zizoze zialwe ngo-17:00 ntambama, ngempelasonto yomhla ziyi-18-19 Novemba 2023 ukuze abantu babhalise, bashintshe imininingwane yabo yokubhalisa noma baqinisekise imininingwane yabo.
Izakhamizi ezifanelekile ukuthi zibhalisele ukuvota uma:
- Isakhamuzi saseNingizimu Afrika
- Okungenani iminyaka engu-16 nangaphezulu (ungavota kuphela kusukela eminyakeni eyi-18)
- Uphethe umazisi oluhlaza onebhakhodi, umazisi ohlakaniphile noma isitifiketi sikamazisi wesikhashana.
Abavoti abafanelekile bayanxuswa ukuthi bahlole isimo sabo sokubhalisa ku-inthanethi ku-https://registertovote.elections.org.za noma emahhovisi e-IEC aseduze nabo futhi bangathola iziteshi zabo zokuvota, kusizindalwazi (website) seKhomishana Yokhetho, ethi www.elections.org. za, noma ngokushayela inombolo yabo yosizo ku-0800 11 8000. Izakhamuzi zingathola futhi ukubhaliswa kwabavoti kanye nolunye ulwazi lokhetho ngokuthumela i-WhatsApp ethi “hi” ku-060 088 0000.
UMnyango Wezasekhaya uzovulwa phakathi kuka-08h00 no-17h00 mhla ziyi-18 kuya zingama-19 kuLwezi ukuze uvumele abavoti abafanelekile ukuthi balande omazisi babo noma bafake izicelo zomazisi besikhashana abazokwazi ukubhalisela ukuvotela okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe lwangowezi-2024.
“Sinxusa intsha, ikakhulukazi labo abafanele ukuvota okokuqala, ukuthi bathathe igxathu lokuqala babhalisele ukuvota! Ukuvota kubeka amandla ezandleni zakho futhi kuyindlela yokuthi sonke isakhamuzi esifanelekile sisebenzise izwi laso ukuletha ushintsho. Ivoti lentsha libalulekile empumelelweni yentando yeningi esebenza kahle”, kusho iBamba loMqondisi Jikelele le-Government Communication and Information System (GCIS), uNomonde Mnukwa.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
