Umphakathi utalabhe isisebenzi somkhandlu ebesintshonstha impahla ye-Theku

Sekubanjwe umsebenzi womkhandlu wase-Thekwini entshontsha impahla yomkhandlu, endaweni yase-Adams Mission esigodini saseMsahweni. Lomsebenzi osebenza kwezamanzi kulomkhandlu, ubanjwe izakhamuzi zasendaweni, zambolisa ngesibhaxu maqede zamnikela kwimbokodo ebomvu, yamthatha yayomgcina esitokisini.

Lesigelekeqe esintshontsha ebeseba izintambo zikagesi, sishiye umphakathi uhlezi ngobumnyama ngalesi senzo futhi siwucasule kakhulu umphakathi . Amalungu omphakathi akhulume ne-IBunda abethukuthele egane unwabu.. “Mina ngimangele ukuthi (emgagula ngegama) nguyena onesandla ekucekeleni phansi ugesi njengoba uhlupha lana, usihlalisa ngobumnyama mihla namalanga, kubola ukudla emafilijini kodwa wenza into embi kanjena, kuzomele aboshwe ngempela athole isifundo khona ezokhipha nabanye ngoba kusho ukuthi ngumkhuba wabasebenzi bakahulumeni ukuntshontsha becekele phansi ugesi” kusho elinye ililungu lomphakathi obolibona nje ukuthi lidinwe liyafa, loludaba iBunda lizolilandela njengoba sizamile ukuthola okhulumela umkhandlu wase eThekwini kodwa wangatholakala kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.