
UPhumlani BMX Mkhize ukholwa ukuthi Sibongiseni Mthethwa uzoyisiza kakhulu iBafana Bafana emdlalweni we CAf African Cup of Nations ezoba se Ivory Coast ngo January. “Ngiyamazi uMthethwa ngumdlali ozimiselayo kuzomele umqeqeshi Hugo Brooks anamathele kuyena kodwa angabuki iqembu adlala kulona njengamanje Kaizer Chiefs ngoba ngamqunda amehlo okubona umsebenzi omuhle awenzayo ,kuzodingeka ukuthi amgqugquzele nangaphndle kwenkundla. ” kusho uMkhize
“Lomdlali siyamdinga kakhulu eqenjini lesizwe Bafana Bafana edlalile, angisho ngoba kungumkhaya wami, kodwa uluhlobo labadlali abafana no Macbeth Sibaya, Kagisho KG Dikgacoi. Ngicabanga ukuthi amaqembu aphesheya kwezilwandle azombona kahle ku African Cup of Nations njengoba engumdlali oqatha, ngimbona ezodlala indima ebalulekile kakhulu eqenjini le Bafana Bafana.” kuqhuba uSibongiseni.
“Kulemidlalo yesihle kuzomele amnike ithuba umqeqeshi we Bafana Bafana Hugo Broos ukuze ajwayele kahle, uMthethwa ukhona eqenjini lesizwe elizodlala ne Benin ngomgqibelo eMoses Mabhida Stadium emdlalweni wesihle. njengoba kuyikhalenda leFiFa amaqembu adlala imidlalo yokungcweka.” kuphetha uBMX Mkhize.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
