Ubhekene necala lokuzama ukubulala ogwaze intombi enyuvesi

UNtembeko Myalo, 32, ubhekene necala lokuzama ukubulala, lokhu kuza ngemuva kokugwaza umlingani wakhe ngempelasonto. Uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseBellville, CPT. Uphinde abe necala lokudlwengula elisalindile.

@ibunda_za Ubhekene necala lokuzama ukubulala, lokhu kuza ngemuva kokugwaza umlingani wakhe ngempelasonto. #IbundaIzindaba #CPUT #IbundaNews ♬ original sound – ibunda_za

Basala bekhungathekile abafundi baseNyuvesi yaseWestern Cape (UWC) ngemuva kokugwazwa omunye wontanga wabo ngumfundi waseCPUT lapho ehlala khona eSouth Point ngempelasonto.

Lesi sigameko sithathwe yikhamera kanti lezi zithombe zisabalale ezinkundleni zokuxhumana.

Le video ikhombisa umenzi wobubi egwaza lo wesifazane okubikwa ukuthi ungunkosikazi wakhe nesitshudeni saseCape Peninsula University of Technology (CPUT) egcwele igazi phansi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.