
ULehloholo Seama obengumqeqeshi we Polokwane City usesulile isigubhukane, lomqeqeshi uthathe izintambo ku Duncan Lechesa ngokuqala kwesizini njengoba Lechesa nguyena owakhuphula Polokwane City, ngemuva kwalapho wahlehla eqenjini, ngaphansi ka Seama iqembu lidlale imidlalo eyishumi nambili 12 linqobe imidlalo engu 4 ladlala ngokulingana emdlalweni engu 5 lahlulwa emdlalweni engu 3 indawo elikuyona likunombolo 6. akuqondakali ukuthi ngabe Lehohonolo Seama isiphi isizathu esimenze washiya umsebenzi, khona manjalo ulandela abanye abaqeqeshi abashiyile Shaun Bartlett Cape Town Spurs Molefe Ntsiki Kaizer Chiefs, Vusimuzi Kanu Vilakazi, Brendon Truter Sikhukhune United. ku labaqeqeshi munye kuphela osewutholile umsebenzi ngu Vusimuzi Vilakazi oqashwe yi Richard Bay FC kanti abanye bangomahlalela emakhaya.
