
Uthisha, uYonela Mahlungulu, 34, utholwe eshonile enamanxeba okudutshulwa eduze komfula e-Eastern Cape. Ngokusho kwamaphoyisa uke wasuka kubo eNgobozana eya emsebenzini kodwa akaphindanga wabuya. Umyeni wakhe wabika ukuthi ulahlekile ngemuva kokuthi engayanga emsebenzini futhi washiya ucingo lwakhe ekhaya ngalolo suku.
Okhulumela amaphoyisa uPriscilla Naidu uthe ithimba labaphenyi likwazile ukulandela umkhondo imoto kaMahlungulu ehambe ngayo. Ngosizo lophiko lokusesha i-K9, inja yokuhlenga uBond, kanye namalungu omphakathi, kutholwe isidumbu sakhe, kanti imoto yakhe ibonakale inamachaphazelo egazi. Ukusesha kwaqalwa, futhi i-tracker yavula isignali e-Bukuveni e-Flagstaff. Imoto itholwe inamachaphazelo egazi ebhuthini nokhiye bemoto emlilweni. Umufi utholwe enamanxeba ezinhlamvu phezulu endaweni ebizwa ngeMtsila eLusikisiki,” kusho uNaidu.
Baningi othisha abashonile endaweni, uMahlungulu unguthisha wesithathu owabulawa. Ngo-Okthoba, uthishanhloko waseLusikisiki watholakala egcwele amanxeba ezinhlamvu ngemuva kokubikwa ukuthi ulahlekile. Ngo-Agasti, uthisha ongowokuzalwa e-Eastern Cape, uNomfusi Potelwa, 48, naye wabulawa ngesihluku emzini wakhe eDutywa, ngaphambi kosuku iNingizimu Afrika igubha uSuku Lwabesifazane. UPotelwa ubenguthisha eDinizulu Secondary School aphinde abe yimbongi nomculi owaziwayo esifundazweni. Amaphoyisa athe ayikaziwa imbangela yokubulawa kwalaba bantu. Uphenyo lusaqhubeka.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
