Iphinde yalahla amaphuzu amathathu emdlalweni womkhaya i-Chiefs

Iqembu le Kaizer Chiefs liphinde lalahla amaphuzu amathathu emdlalweni womkhaya eFNB Stadium, ngesikhathi lishaywa Orlando Pirates ngegoli elilodwa lika Evidence Makgopa olishaye ngomzuzu ka 20 esiwombeni sokuqala, Orlando Pirates ibambelele kuleligoli umdlalo waze waphela ngalo, khona manjalo umqeqeshi we Orlando Pirates Jose Riveiro uncome umgadli waleliqembu Evidence Makgoba ngomsebenzi omuhle awenzela leliqembu njengoba ebuyelwa ukuzethemba manje ngemuva kwesikhathi eside engalitholi ijezi, njengoba selokhu athengwa eqenjini le Baroka FC, lomgadli ubendliswa ngu Zakhele Lepasa ama ice njengoba naye manje usemdlisa wona, Makgoba uqalile ukubona amapali lapho engakhona njengoba nguyena osashayela Orlando Pirates amagoli, lomphumela kumqeqeshi Jose Riveiro umthule umthwalo emhlophe njengoba enqobe umdlalo wesibili ulandelana


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.