
UMark Williams owayengumdlali we Kaizer Chiefs ne Bafana Bafana ukhomba ungabambisani kubadlali nabaqeqeshi be Kaizer Chiefs. Ngibona ukuthi abadlali be-Kaizer Chiefs abakamuzwa ngempela-Cavin Johnson.
Imiyalelo yakhe yokuthi badlale kanjani nenhlonipho ngibone ingekho kubadlali, njengoba kade kuneziwombe lapho bekuthi mangabe omunye eliphase kabi ibhola omunye amunekele izandla lokho kukhombisa ungabambisani nhlobo kubadlali.
“URanga Chivaviro ngomunye wabadlali abakhombise ungasebenzisani kahle nabanye abadlali” kusho Mark Williams. “Indlela ka-Cavin Johnson imlimazile kakhulu Ranga Chivaviro ngoba bedlala yedwa engekho umdlali obemnika amabhola noma eselitholile ubengekho umdlali osondelayo eduze kwakhe. ” kuqhuba uWilliams. Umangabe ubonile ukuthi udlalisa abadlali abathathu abangadlaseli eswini, Sibongiseni Mthethwa, Edson Castillo, Yusuf Maart, Edson Dove, Zitha Kwinika, ngabadlali abangakhuphuki bohlasela bahlele emuva kakhulu esiwombeni sokuqala, Johnson bengaqondi ngempela ukuthi ufuna ukudlala ibhola elinjani ngicabanga ukuthi akukho lutho olusathathwe ngabadlali be-Kaizer Chiefs njengoba inhlaka nhlaka ngalendlela. kumanje leliqembu lisazodonsa kanzima kakhulu ukuthola imphumela emihle, kuzomele mangabe ngempela u-Cavin Johnson efuna impumelelo aqinise isitilobho kubadlali njengoba bayabonakala ukuthi balahlekelwe inhlonipho nokuzithemba.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
