Uqobe wavungula kubahlengikazi uSARS

Umqoqi ntela wakuleli uSARS uqothule abahlengikazi, eqoqa intela yakhe ekweletwa ilezisebenzi zezempilo. Kuzwakale isililo ngapha nangapha ngesikhathi kungena imiqhafazo ithi imali useyidonsile uSARS. Kuthiwa ubebabambela imali esuka kuR8000, kwabanye acaphune R4000, R3000 abanye ubaxebule washiya nomlayezo othi ngiyabuya kuwe usasikweleta R18000. Omunye umhlengikazi obethukuthele egane unwabu uthe: “Ngivuka ekuseni ngizophipha abantu abazinyele, imoto yami ngeke ngikwazi ukuyikhokhela kulindeleke ukuba ngiphuzise iziguli imithi. Ngicela ningangijaji ngizozihlohloloza iziguli ngeke phela sishe sodwa.” kube lomhlengikazi kubonakala nje ukuthi casuke uyafa ngalesenzo. Kuse uhulumeni encoma ethi ey iqoqiwe imali kuma-non provisional tax payers. Kulo nyaka baqoqe R7 million kanti ngonyaka odlule ibiwu R6m. Uthi i-South African Revenue Service (SARS) iyabuya kumahlongandlebe uzozingenela emholweni onenkinga amfonele kusho yena.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.