
Isidumbu sika-Albert Sanderson, (75) waseSwalala ngaphandle kwaseWhiteriver, eMpumalanga, sisanda kugunjwa ngabakwa Forensic
Kubikwa ukuthi uMshiphansangu kaMzukulu umgwaze entanyeni umkhulu wakhe wabona ukuthi usefile wayogumba umgodi emvakwendlu wase emgqiba khona. Ngokusho kwelunga lomndeni umufi ube nengxabano nomzukulu bengaqali behlezi belwa. Kuthiwa impi yalaba bobabili iqale ngesikhathi umkhulu ezama ukumkhuza ngokuletha izintombi ezahlukahukene endlini wathi lokho kukhombisa ukungamhloniphi
Khona-ke umzukulu oneminyaka engu-22 ubudala uvele wahosha uMmese wabe esemgwazile. Amaphoyisa aqinisekisile ukuthi uboshiwe Lomdlambila kanti uzovela enkantolo kusasa, ebhekene necala lokubulala
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
