
Namhlanje omele abasebenzi be EPWP ngaphansi koMkhandlu waseMvoti uMvoti Municipality (Greytown) ukhulume nabezindaba mayelana nesiteleka esibekhona nesivale amasango akwa Transport,lokhu kuza emvakokuba lababasebenzi bathenjiswa ukuthi uma kuvuleka amathuba kuzoqashwa bona njengoba besebenza lomsebenzi.
Bathi kunesikhathi bathenjiswa ukuba bazoqashwa ngokugcwele uma kuvuleka izikhala nokungabange kusenzeka . Ngokusho kukamphathi wabo abasebenzi babone sekugcwele abantu abasuka kwabanye omaspala nabangazi nokuthi baqashwe kanjani nini futhi ngubani njengoba kungathathwanga noyedwa nje phakathi kwalababasebenzi .
Uqhube wathi ibuhlungu kakhulu lento eyenziwa kulendawo ukuthi bathembise abasebenzi dukuduku baqashe ngendlela engeyiyo, uthe okubaxaka kakhulu kulababantu abaqashiwe kukhona noneminyaka ebheke emashumini amahlanu njengoba amane ehlangene nje.
Esephetha uthe ucela noma ngubani ongaba nosizo abasize ngezimpendulo zokuthi benzenjani bona kufanele baqashwe kuphi uma imisebenzi engadinge zicucu inikwa abantu bakude ekubeni intsha iningi eMvoti engasebenzi.
Uphinde waqinisekisa ukuthi lesisiteleka ngeke basiyeke kungakalungi bayacela kunoma ngubani ongabalekelwla basizakale kubhekisiswe ukuthi kuqashwe kanjani ,bese ejeza owenze lomhlolo.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
