Kuvalwe izipaza ezingu-15 kwaboshwa oyedwa ngokudayisa utshwala ngaphandle kwelayisensi

I-Brakpan ngokubambisana namaphoyisa kaMasipala we-EMPD, uMnyango Wezempilo Yezemvelo kanye neForamu Yamaphoyisa Omphakathi baqale umkhankaso wokuhlola izipaza nezindawo ezidayisa utshwala. Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso kuvalwe izipaza ezingu-15 ngenxa yokungalandeli umthetho ngesikhathi kuvalwe indawo yokucima ukoma eyodwa kwaboshwa umnikazi wawo ngokudayisa utshwala ngaphandle kwelayisensi. Kuphinde kwaboshwa abantu abathathu ngokwephula i-Immigration Act.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.