
Isiteshi somphakathi iMvula Fm nesizinze Newcastle sikhungethwe izinkinga njengoba sekuphoqeleke ukuthi sivale izinhlelo zangempelasonto. umthombo weBunda uthi uMpathi waso uMgcwabo Hlehlile Dlamini ubuye ahambele phesheya kwezilwandle izinyanga eziningi, lokho kudala umnonakalo omkhulu njengoba imali ihlala kuyena akukho okuthintwa ngabasebenzi manje lapho kudingwa kukhokhwe kubanzima kabi.
Lesiteshi somsakazo womphakathi sike saqasha uLinda Mr Magic Sibiya wodumo lokhozi Fm, manje usiteshini menenja Simphiwe Mthethwa naye owake wasebenza okhozini fm efunda izindaba uthwele kanzima kakhulu njengoba nabasebenzi baphinde badlulelwe isikhathi bengaholi, lomthombo uxwayisa abantu ukuthi bangabathembi abantu abathi banemali ngoba kuvela amahlazo imali ingasabonwa, uyababona sebehluleka ukugcina izithembiso abazenzile kubantu ababathembisile.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
