
Iqembu lobhola i-Msinga United liyiqale kahle imidlalo ye ABC Motsepe League KwaZulu-Natal, njengoba selinqobe imidlalo emthathu ilandelana. Amabhubesi ase-Msinga aqhobozele Newcastle All Stars, UMvoti FC, Swamane United kanti leliqembu kulempelasonto lizobhekana ne-EThekwini Coastal. Leliqembu lika Welcome Mpanza, liqale lesizini ngabadlali abasha bodwa njengoba abadlali abaningi bathola amadlelo aluhlaza emaqenjini adlala ku-Dstv Premiership League ne-Motsepe Foundation League, laphinda lahlukana nomqeqeshi Doctor Mkhonza, kumanje leliqembu liqeqeshwa ngu Mpumelelo Mpanza.
Amabhubesi kulindeleke ukuthi ahlale phezulu kulogi, leliqembu eliphethwe njengeqembu elidlala ku Dstv Premiership League, ngendlela eliphethwe ngayo ngu Welcome Mpanza. Ekhuluma ne IBunda, uWelcome Mpanza uthi ubona ubunzima kakhulu eqenjini lakhe njengoba amaqembu amaningi awubhekile njengoba ngesizini edlule leliqembu lahamba ibanga elide njengoba lafinyelela kowandulela kowamanqamu ABC Motsepe League.”Kumanje siyalihlanganisa njengoba besiliqala phansi ngabadlali abasha bodwa. kodwa abadlali esinabo bangadli abanohlonzo njengoba kukhona abake badlala emaqenjini adlala ku PSL” kuqhuba uMpanza. Khona manjalo leliqembu mangabe lidlala imidlalo yase ekhaya lilandelwa yizindimbane zabalandeli, njengoba abalandeli baqhamuka kuwowonke amagumbi woMsinga, liphinde lingenise umnotho omningi eMsinga.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
