Kufe isigila mkhuba ziyobamba inkunzi eMbazwane

Kufe isigebengu esisodwa kwaboshwa ezimbili ezinye ezimbili zabaleka ngenkathi zizwana amandla namaphoyisa eMbazwana KwaMhlabuyalingana, KZN. Zintshontshe imonto esesithombeni eMtuba zahlela ukuyobamba ngayo inkunzi. Ezobunhloli zasheshe zakubamba konke lokho. Kwathiwa hlanganani maTRT beyokakwa. Kuthe besapepenyeka, eMbazwana kwathiwa we madoda manini nje lapho. Zathi lezi hhowu zingamane zikhale. Ay zathi ezikaCele kulate vele qalani maginsa sizwe. Kubikwa ukuthi lamanginsa abezama ukutholana phezulu namaphoyisa kodwa abanye babona ukuthi ayingangabo. Base bazinikela ababili njengoba inginsa elilodwa bese lidubulekile. Kubikwa ukuthi abazinikelile emaphoyiseni amagama abo oMthandeni Khumalo (25) benoNqubeko Nsibane (21) kwathiwa good boys. Bavele eNkantolo yaseManguzi bazobuya ngezi 9 November bezofaka isicelo sebheyili. Baboshelwe ukutholwa nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Laba ababili basabalekile kodwa bayafunda la.Kanti oshonile ushonele esibhedla .


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.