
Amdlozi yiwona abulala abantu ngenxa yokuthi khona izinto zabo esingazigcini, amacala akhona emndenini madala kakhulu njengoba uthola ukuthi aqala khulukhulwane alandele kokhokho nakomkhulu, mangabe abantu beqala ukulungisa baqala kokhokho nomkhulu bakhohlwe ngabanye abadlula kudala. yibona abaqala bebe nombango wokuthi wena wenzela umuntu osanda kushona bona sebeqede iminyaka engu 5000 badlula emhlabeni. khona abantu abashonela ezimpini nabanye bashona bengazwani, abanye bashona bethakatha, abanye bebulala abantu bomndeni. L
Lawo macala enza ukuthi abada bamlande lowomuntu ngenxa yokuthi uyihlongandlebe ugcolile kumele bamlande emhlabeni aze ngakubo ezothetha amacala, amadlozi anelungelo lokubula linikiwe, uNkulunkulu akabulali kodwa uyaphilisa, amadlozi mangabe ubalale bayakugcina isikhathi eside, amadlozi adinga umuntu olalelayo . Abantu abaningi badukiswa yinkolo maqedane baziqhathe namadlozi, amadlozi ayaziveza kubantu kodwa abantu bengalali, okunye mangabe ungalinqobanga ithuna awufiki kwabakini kodwa mangabe ulinqobele ithuna, uyakwazi ukungena emndenini, kwamanye amanye amacala angangenisani emndenini ukuthwala, ukoniswa ngamakhosikazi abo, nokwenza ubunuku obuningi emagcekeni , ukuklubula izingane abantu besimame, ukuthi lona othwele ekhaya uBaba uyaqhise omakoti ngomeqo ukuthi baphuphunyelwe izingane, lowombungu uwudlulisela enyangeni yakhe khona izomthakela ngemithi ukuthi kwande imfuyo yakhe namabhizinisi, uyakwenza nasezinganeni zamantombazane akhe, lamacala namahlazo ayambopha emndenini angahlangani nomndeni abanye baphoswa odakeni lapho bavele ngamakhanda khona njenxa yokona kwabo emndenini, abanye bayabonakala kwabanye abantu ngenxa yokuthi bayapoka emhlabeni, amacala abantu abawenza emhlabeni ayabavukela ezulwini ababophe ejele lomndeni, mangabe uthola ukuthi wenzela uBaba wakho umsebenzi kanti yena uboshiwe akahlangene nomndeni ngengamacala.
IBunda belikhuluma noBaba Mzuphelayo Dube oyinyanga noswalwazi kwezamasiko, ngeminye imininigwane ungaxhumana naye kulenombolo yocingo 079 44103 43

About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
