UNgizwe Mchunu, uphume phambili ecaleni lika “Azikhale!”

UNgizwe Mchunu owayengumsakazi woKhozi Fm kanye nowayenguMongameli waseNingizimu Afrika uMnu. Jacob Zuma. Isithombe: Sithunyelwe

Lowo owayengumsakazi woKhozi Fm uNgizwe Mchunu uphume phambili ngezinsolo zokugqugquzela udlame emphakathini ngesikhathi loyo owayengumungameli kuleli Mnuzane Jacob Zuma. uNgizwe waqhamuka netemu elalithi “azikhale!” nelathandwa ngabantu abaningi ngesikhathi kuthathwa impahla ezitolo ngaphandle kwemvumo, kwaphinda kwashiswa izitolo Gauteng naKwaZulu Natal.

Lelicala selidonse iminyaka emthathu liqulwa njengoba umbuso ubusola Ngizwe ngokuphehla udlambedlu emphakathini, kodwa inkantolo ephakaleme Randburg imkhiphe phambili kulelicala njengoba imantshi imthole engenalo icala kanti kubonakale naloyo uwayenguMongameli wakuleli uMnuzane Jacob Zuma ezokweseka uNgizwe Mchunu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.