
ISihlabani somsubathi wakuleli Jenet Mbele we-Xcel Running Club, eholwa ngu Sbusiso Cele uhlomule ngabaxhasi bakwa-Under Armour. Lenkampani isabalele umhlaba wonke njengoba ikhona nase-United States of America.
UJenet Mbele usayine nalenkampani unyaka owodwa kuphela kodwa unalo igunya lokuyelula ngomunye unyaka, knati lezindaba zivela nje uJenet Mbele usanda ukuthola igolide le-Comrades Marathon. Khona manjalo lomsubathi ulandela ezithendeni uzakwabo uSbonelo Khumalo, yena osefunda phesheya kwezilwandle ngosizo lomfundaze awutholelwe kuyo i-Xcel Running Club. USbusiso Cele utshele IBUNDA ukuthi kumqoka kubona ukuweza abasubathi njengoba imfundo beyihambisa phambili.
Ukwenza kahle kuka-Jenet Mbele kungase kuvale igebe eliphakathi kwabasubathi kwa abamhlophe nabamnyama. Abasubathi abamnyama abanamagolide kwi-Comrades Marathon khona Fikile Mbuthuma, Galaletsang Mekgoe, no Jenet Mbele, kusibhukulisile ukuthi simtholele abaxhasi ngaphambi kokuthi kuqale amalungiselelo e Comrades Marathon. thina njenge Xcel Running Club sinenhloso yokuthuthukisa abasubathi bethu ngezemfundo njengoba umsubathi ngeke asubathe impilo yakhe yonke, sinezinhlezo abazaziyo nabaziqondayo ukuthi zizobabeka ezingeni elinhle, Xcel Running Club izikhombisile ukuthi ayizile ukuzodlala njengoba isinqobe imijaho emningi kakhulu. ngelinye lamaqembu adlala indawo ebalulekile kubasubathi. abasubathi bayo bashaya incwenga kwezosubatha, bajima ngendlela yezinga eliphezulu kakhulu. abasubathi abaningi abamnyama baphuma emndenini edla imbuya ngothi abanabo abaxhasi njengabamhlophe, kumanje abasubathi abamhlophe yibona abakhonyayo ku Comrades Marathon selokhu yaqala ngo 1921
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
