
Lokhu kuvele ngokukaNgqongqoshe Wezimbiwa uGwede Mantashe, omemezele esitatimendeni ngoMsombuluko, zingama-30 kuMfumfu. Impumuzo kubashayeli njengoba amanani kaphethiloli ehla.
Ukulungiswa kwamanani kaphethiloli kuzoqala ukusebenza kusukela ngoLwesithathu, lu-1 kuLwezi.
“Amanani kaphethiloli aseNingizimu Afrika ayashintshwa nyanga zonke, ngenxa yezinto zamazwe ngamazwe nezendawo. Izinto zamazwe ngamazwe zihlanganisa ukuthi iNingizimu Afrika ingenisa kokubili uwoyela ongahluziwe kanye nemikhiqizo eqediwe ngentengo ebekwe ezingeni lamazwe ngamazwe, okuhlanganisa nezindleko zokuthenga kwamanye amazwe, isibonelo, izindleko zokuthutha,” kusho uMantashe esitatimendeni.
Intengo kaphethroli izokwehla ngo-R1,78 cents, udizili wona wehle ngo-78 no-85 cents ilitha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
