[DISPLAY_ULTIMATE_SOCIAL_ICONS]

Umculi waseMelika weHip Hop neRnB u-Aubrey “Drake” Grahams, ongowokuzalwa eCanada, uselandele uTyla ku-instagram. UTyla Laura Seethal, owaziwa ngelikaTyla, yintokazi esencane ungumculi waseNingizimu Afrika nombhali wezingoma oshisha izikhotha futhi ongaconsi kubalandeli lapha ekhaya kanye phesheya kwezilwandle. Lentokazi edabuka eGoli. Isizakhele udumo emhlabeni jikelele lokhu kuza ngemuva kokuthi uTyla wakhe ebonakale okokuqala kumabonakude wase-US ohlelweni iThe Tonight Show edlala noJimmy Fallon. Lokhu bekubhuza u-X (Twitter), njengoba abanye bebevele behlawumbisela ukuthi kungenzeka lokhu njengoba esefana noMalume Waffles naye enza okufanayo ngokumlandela ku-Instagram encoma ikhono lakhe.
It was expected after Uncle Waffles 🤣🤣🤣
— Hermaine M (@HermaineM) October 28, 2023
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
