
I-South African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc) izophenya i-Swimming South Africa (SSA) kulandela ukuhamba kompetha wama-Olympic uTatjana Smith, omemezele ukuthi uzomela iNetherlands kuma-Olympic azayo ase-LA ngo-2028.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uGayton McKenzie, uthe ngoLwesibili uthe uyalele i-Sascoc ukuba iphenye lo mbutho futhi isungule ithimba elizosebenza ukuletha uzinzo kule nhlangano.
Lokhu kungenelela kwenzeka ngesikhathi kuhamba inqwaba yababhukudi abakhulu nabavele. Ngokombiko we-IOL, uMatthew Sates, obambe iqhaza kuma-Olympic kabili nongumpetha womhlaba wango-2022 emiqhudelwaneni webanga elifushane (World Short Course), naye uhlela ukufaka isicelo sobuzwe base-Australia ngenhloso yokumela i-Australia emidlalweni yango-2028. Ngokombiko we-Rapport, omunye umbhukudi wama-Olympic, uRebecca Meder, naye ufuna ukumela iNew Zealand.
Ekhuluma kwisithangami sabezindaba ehambisana neBamba likaMengameli lesikhashana le-Sascoc, uLwandile Simelane, uMcKenzie uthe akasenalo ithemba ebhodini le-SSA futhi waxolisa kuSmith, ethi uphathiswe okwesitha sezwe.
“Ngibhalele i-Sascoc, ngiyicela ukuthi yenze uphenyo oluphelele mayelana nokubhukuda eNingizimu Afrika. Ngiyicele ukuthi ithole ukuthi isivumelwano soxhaso sakwa-Arena sisebenza kanjani, yiziphi izinhlawulo ezabekwa nokuthi ubani owazikhokha, nokuthi ngabe abanye ababhukudi nabo bahlawuliswa noma kwabanjwa imali yabo,” kusho uMcKenzie.
“Futhi ngicele i-Sascoc ukuthi ithumele ithimba elizosebenza ukuletha uzinzo kulo mbutho, ngoba lo mbutho usesimweni esibucayi kakhulu (njengesiguli esisesimweni esibucayi esidinga ukunakekelwa okukhethekile).”
UMcKenzie wengeze ngokuthi uSmith uphathwe “ngendlela embi kakhulu ongeke wayicabanga”.
“Kufanele babe namahloni. Futhi angikwazi ukulinda ukuthi luphethwe uphenyo lwe-Sascoc. UTatjana uphathwe njengesitha saleli zwe. Okungithukuthelise kakhulu wukuthi ngokuphazima kweso sesizwa izindaba zokuthi uTatjana uzobhukudela iNetherlands, bazama ukufihla iqiniso futhi bayacasha, bethi balahlekelwe uxhaso ngenxa yakhe,” kusho yena.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
