
Owayeyisisebenzi sase-Home Affairs uboshwe ngamacala angu-264 ahlobene nokutholwa kwama-passport aseNingizimu Afrika, kanye nomazisi ehhovisi lomnyango lasePietermaritzburg.
Lomsebenzi iagama lakhe kungu-Tholithemba Malusi Mlondo, oneminyaka engu-34, utholakale enecala ngamacala ahlobene nenkohlakalo, ukukhwabanisa kanye nokwephulwa koMthetho Wokuhlonza kanye noMthetho Wokufuduka. UMlondo ulahlwe yilamacala ngoLwesine eNkantolo Yamacala Ezentengiselwano Ekhethekile yaseThekwini.
Amacala avela emisebenzini esolwayo ngokuthi yenzeka phakathi kukaFebhuwari 2022 noJulayi 2023, lapho kuthiwa wenze kwaba lula ukuthengwa kwama-passport aseNingizimu Afrika ngokukhwabanisa kubantu bakwamanye amazwe ehhovisi le-Home Affairs ePietermaritzburg.
Okhulumela i-SAPS uColonel Katlego Mogale uthe imisebenzi engekho emthethweni yenziwa ngaphandle kwamahora okusebenza ajwayelekile, okuhlanganisa nakusihlwa, ngezimpelasonto kanye namaholide omphakathi lapho amahhovisi e-Home Affairs evaliwe ngokusemthethweni.
Le misebenzi iholele ekuvulweni kwecala nokuphenywa yi-Serious Corruption Investigation. UMogale uthe uMlondo utholakale enecala kumacala okukhwabanisa angu-66, amacala enkohlakalo angu-66 amacala okwephula uMthetho Wokufuduka Kwabantu, amacala angu-66 okwephula uMthetho Wokuhlonza UMlondo ubelokhu eboshiwe selokhu aboshwa.
Icala lihlehliselwe umhla ziyi-13 kuNovemba 2026 ukuze kutholakale umbiko wangaphambi kwesigwebo. Umsolwa ugcinwe esitokisini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
