
Umholi we-Patriotic Alliance (PA) futhi ongungqongqoshe Wezemidlalo, Ezobuciko Namasiko, uGayton McKenzie, uthe ukholelwa ukuthi abantu abacula ingoma ethi ‘Kill the Boer, Kill the Farmer’ (Bulala iBoer, Bulala Umlimi) kumele bavalelwe ejele.
UMcKenzie uveze lo mbono ngesikhathi ekhuluma ne-Biznews, lapho ebeka khona imibono yakhe ngenkinga yobugebengu eNingizimu Afrika kanye nezindlela ezingaxazulula le nkinga.
“Angikholelwa kuMthethosisekelo. Ngikholelwa ukuthi ezinkingeni esibhekene nazo njengezwe, uMthethosisekelo uba yisithiyo,” kusho yena.
“Izigelekeqe sezithole izikhala noma amaphutha kuMthethosisekelo. Kumele siwumise okwesikhashana uMthethosisekelo ukuze silungise izinkinga zethu.”
Uthe uyayisekela inqubomgomo yesijeziso sokufa kwababulali. “Labo babulali kumele balengiswe. Ngaphansi kukahulumeni wami, bazobalengisa,” kusho yena.
Uphinde waveza umbono oqinile nongaguquki ngabantu abacula izingoma ezihambisana nodlame olubhekiswe kwabanye abantu.
“Lolu daba lokuthi ‘Kill the Boer, Kill the Farmer’. Noma ubani osho lokho kumele avalelwe ngokushesha bese esuswa emphakathini,” kusho yena.
Lokhu kungase kuqondiswe kumholi we-EFF uJulius Malema, osenze le ngoma yaba yingxenye yomkhankaso wakhe wokhetho lohulumeni basekhaya.
UMckenzie uphinde wakhomba izigelekeqe ezithatha izakhiwo ngokungemthetho eGoli (Johannesburg). “Zithathe izakhiwo zabantu. Sekuphele iminyaka eyisithupha, kanti abantu basemacaleni enkantolo,” kusho yena.
“Ngaphansi kukahulumeni wami, uma bethatha leso sakhiwo ngehora lesithathu, ngemuva kwemizuzu engu-30 bazobe sebesemgwaqweni noma esibhedlela esigcina izidumbu (mortuary).”
“Angixolisi ngalokho engikushoyo ngoba ngivela emhlabeni wobugebengu. Ngiyazi ukuthi lowo mhlaba unonya kangakanani.”
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
