
Amaphoyisa eThekwini, afuna phansi phezulu abasolwa okuthiwa badubule abantu abayishumi nane – kwashona okungenani abayishumi nanye – eKwaMakhutha, eThekwini.
Bonke laba bantu – kubalwa nowesifazane okhulelwe – bebebuthene endlini endaweni yaseZiko ngaphambi kwehora leshumi nanye ebusuku, ngesikhathi kufika abantu abahlomile bavulela ngenhlamvu bebhekise kubo bonke abantu abasendlini.
Amaphoyisa a-KwaMakhutha kanye nethimba laseThekwini elibhekele ukulandelela izigebengu (eThekwini District Tracing Team) bakule ndawo yesigameko.
Kungenzeka ukuthi lolu daba ludluliselwe ethimbeni elisezingeni lesifundazwe namuhla ekuseni ngenxa yokuba nzima kwalolu daba kanye nesidingo esiphuthumayo sokuthola ababulali. Amaphoyisa athungatha ababulali.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
