
Amaphoyisa amabili abulewe, endaweni yaseZiphunzana eLibode, eduze kwaseMthatha, e-Eastern Cape. Kusolwa ukuthi abasolwa ababehlomile bebehlasela isitolo i-spaza futhi befuna imali kumnikazi waso. Lawa maphoyisa amabili aphendula ucingo olucela usizo, kwathi kamuva atholakala enamanxeba okudutshulwa. Izibhamu zawo zomsebenzi bezingekho, kanti umshini wokusika (i-cordless grinder) okusolwa ukuthi usetshenziswe ukusika umnyango wensimbi (burglar door) wesitolo utholakale endaweni yesigameko.
Lolu daba luphenywa njengamacala amabili okubulala, amacala amabili okuhlasela amaphoyisa, amacala amabili okuphanga izibhamu zamaphoyisa kanye necala elilodwa lokuzama ukuphanga ibhizinisi. Ithimba elihlanganisa imikhakha ehlukene lithunyelwe endaweni yesigameko, kanti kuqalwe uhlelo lwamahora angama-72 lokulandelela nokubopha abasolwa. Kuyaqhubekeka nokulandelelwa imininingwane yokuqala etholakele.
UKhomishana Yamaphoyisa e-Eastern Cape, uLieutenant General Vuyisile Ncata, ukugxekile ukubulawa kwala maphoyisa wathi amaphoyisa azobalandelela labo abanecala. Uzwakalise amazwi enduduzo emindenini nakozakwabo bala maphoyisa. Noma ubani onolwazi uyacelwa ukuba axhumane nesiteshi samaphoyisa esiseduze, i-Crime Stop ku-08600 10111, noma asebenzise i-MySAPSApp, kanti imininingwane izogcinwa iyimfihlo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
