
UMongameli waseMelika uDonald Trump uthi akazingeni izndaba zobungozi ezingabangelwa ubuchwepheshe bokuhlakanipha okwenziwa ngomshini (AI) ngemuva kwezinsuku zokuxwayiswa okukhulu ngongoti.
“Kukhona amandla amaningi amabi aphakamisa lolu daba okungafanele ngabe baluphakamisa, futhi bakhuluma ngezinto ezingeke zenzeke,” kusho uTrump ngesikhathi evakashele e-Ireland.
Esinye sezixwayiso savela kowayengumcwaningi wakwa-Anthropic owathi “kunethuba elikhulu lokuthi sonke singafa maduze nje” uma ijubane lokuthuthukiswa kwalobu buchwepheshe liqhubeka njengoba linjalo manje.
NgoMgqibelo, abaholi abaphezulu kulo mkhakha bavumelana ngalokhu futhi bacela ukuthi kuncishiswe ijubane lokuthuthukiswa kwalo. UTrump akazange akhulume ngqo ngalo mbono, kodwa wathi: “Siphambili kuneShayina kweze-AI… futhi, ngokusho kweqiniso, ngifuna sihlale sikuleso simo ngoba noma ubani ophumelela kweze-AI, uyaphumelela.”
UTrump ukhulume ngosuku olufanayo lapho umcwaningi we-AI uJacob Coxon — osanda kushiya inkampani i-Anthropic — etshele i-BBC ukuthi abasebenzi ababethuthukisa lezi zinhlelo “babesaba ngempela” ngekusasa labantu kulomhlaba.
U-Coxon — owake wasebenza naku-OpenAI — wamukela umbono wokunciphisa ijubane lokuthuthukiswa kwalobu buchwepheshe kodwa wathi lokhu kudingeka kwenziwe ngokubambisana neShayina.
NgoMgqibelo, u-Elon Musk, umnikazi we-xAI, kanye noSam Altman wakwa-OpenAI, basekele isixwayiso esivela kumholi wakwa-Anthropic uDario Amodei sokuthi ijubane lokuthuthukiswa kwalobu buchwepheshe kufanele lincishiswe “ukuze kuncishiswe ubungozi bokuthi kungenzeka kube nenkinga enkulu.”
Isikhulu esiphezulu sakwa-Anthropic sithe noma yikuphi ukuncishiswa kwejubane kufanele kube nomkhawulo ukuze kugwenywe ukuvumela iShayina ukuthi ibe phambili kunabo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
