
Ilungu le-ANC NEC uDkt. Nkosazana Dlamini-Zuma selifake i-afidavithi ephikisayo eNkantolo Ephakeme yaseGoli ngokumelene noNobhala-Jikelele uFikile Mbalula.
Icala lilandela isimangalo sakhe asenza kwi-podcast kaMbuyiseni Ndlozi, sokuthi uMbalula “ukhiphe imali” wayigxisha emaphakatheni amalunga engqungqutheleni yaseNasrec ka-2022 ukuze anqobe isikhundla sikaNobhala-jikelele futhi asize uCyril Ramaphosa ahlale abengumongameli.
UMbalula wazichitha lezinsolo futhi wabe esamangalela uNkosazana Dlamini-Zuma ukuthi leziphakamiso azishoyongaye zikumhlambalaza.
UDlamini-Zuma useziphindiselele ngokuthi lelicala liwukusebenzisa kabi inqubo yenkantolo. Uthi imali emincintiswaneni ye-ANC iyinkinga yangaphakathi yeqembu nokuthi ukusetshenziswa kwayo kabi kuyimbangela yokwehla kwe-ANC. Kulindeleke ukuthi kuzwakale kamuva kule nyanga.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
