
Izinhlaka zomthetho okubalwa, amaphoyisa e-SAPS, ebanmbisene nezinkampani zonagada zibophe abasolwa ababamba izingane zesikole inkunzi. Labasolwa babanjwe ngemuva kolwazi olutholiwe ngabomthetho mayelana nabasolwa abahlomile abahamba bebamba izingane zesikole inkunzi endaweni yaseDalview, banikile khona endaweni lapho kuthiwa abasolwa bagcine ukubonwa khona.
Kwenziwe usesho oluhlelekile endaweni ezungezile, kwatholakala imoto enabaolwa abane ngasendaweni eyipaki eDalview. Abasolwa kanye nemoto baseshwa, okwaholela ekutholakaleni kweselula okusolwa ukuthi yebiwe, isibhamu esingu-9mm kanye nommese.
I-SAPS ibafake ozankosi kubasolwa ngesikhathi ifika endaweni yesehlakalo, imoto yathathwa, kwathi abasolwa kanye nezinto ezitholiwe banikezwa i-SAPS ukuze baphenye kabanzi.
Amayunithi abambe lomkhankoso ngempumelelo kube, I-Blue Hawk Tactical, i-Graphite, i-SAPS Highway Patrol kanye ne-Brakpan SAPS
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
