
Amaphoyisa abophe omunye wabo ekuseni eSecunda, eMpumalanga kungxenye yomsebenzi wokususa abasolwa okusolwa ukuthi bahlobene nokuduna iloli ezithwala udizili esifundazweni. Iphoyisa liboshwe ngesikhathi lifika emsebenzini ngezinsolo zokuthi lixhumene neqembu eliduna izimoto ezithwala iloli likadizili.
Ielilunga le-Flying Squad liboshwe ngozankosi eSecunda ngoLwesihlanu ekuseni ngesikhathi lilungiselela ukuya emsebenzini njengoba kusolwa ukuthi lihlobene nokuduna izimoto ngoMeyi, okwaholela nasekuboshweni kwabanye abasolwa abane, abasagcinwe esitokisini.
Amaphoyisa athole iphoyisa eSucunda ligqoke iyunifomu yalo ephelele ye-South African Police Service (SAPS). Kutholakale incwadi yokuboshwa kwalo ngemuva kophenyo lokuqala olukhombe ukuthi lingase libe yingxenye yeqembu eliduna izimoto.
Liyiswe esiteshini samaphoyisa saseSecunda ukuze licutshungulwe futhi kulindeleke ukuthi lichithe impelasonto livalelwe ejele. Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uMavela Masondo uthe uphenyo alukapheli.
“Singaqinisekisa ukuthi kunabasolwa abaningi esibafunayo futhi singase sibabophe noma nini kusukela manje ngoba siyabazi ukuthi bangobani.”
Kulindeleke ukuthi iphoyisa livele enkantolo ngoMsombuluko.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
