
Ithimba lezinhlaka ezahlukene zomthetho, okuhlanganisa iSAPS Crime Intelligence, Interpol, Border Police, bashaqe ithusi okusolwa ukuthi lebiwe lenani elingaphezu kuka-R12.6 million ngesikhathi kunomkhankaso wobunhloli eCity Deep, eGoli.
Lo mkhankaso ulandele imininingwane yeziphathimandla zaseZambia mayelana nokudunwa kwamaloli amathathu athutha ithusi. Abaphenyi bathole ukuthi amaloli anamapuleti angamanga aseTanzania kanye nemibhalo yentela yomgunyathi asetshenziswe ukuthutha cishe amathani angu-121 ethusi ayiswa eNingizimu Afrika ngokusebenzisa iBeitbridge Border Post.
Ngomhla ziyi-18 kuJuni 2026, amaphoyisa ashaqa izinyanda zethusi ezingama-26 eCity Deep. Uphenyo luveze ukuthi izinombolo ze-serial yokuqala zethusi zazikhishwe ngamabomu ukuze kufihlwe umsuka wayo.
Akukaboshwa muntu okwamanje, kodwa uphenyo lusaqhubeka njengoba iziphathimandla zilandela labo abamataniswa nezinsolo zokushushumbiswa kwekhopha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
